Sidinga usizo lwakho!
Isetshenziswa abantu abangaphezu kwezigidi ezingama-400, ukweseka kwe-Mozilla kuxhaswe ngamavolontiya ngokuphelele, futhi sekubaluleke kakhulu kunangaphambilini. Wena-ke ungena lapha.
Kungani kufanele ngisize?
Siza izigidi zabasebenzisi zithole konke ezingakuthola kusiphequluli sabo esiyintandokazi. Igalelo lakho lingafinyelela kubasebenzisi abayizigidigidi emhlabeni jikelele, futhi ungakwenza lokhu uzihlalele kusofa wakwakho!